
Umdidiyeli Womdanso Ovelele Ezweni u-Jay Pather Uyi-Legacy Artist kwiJOMBA!
Click here for English version
Umdidiyeli womdanso ovelele eNingizimu Afrika neciko elinombono uSolwazi Jay Pather uyi-2021 Legacy Artist kanti nguyena ovule umcimbi ozoba senkundleni yokuxhumana ngobuchwepheshe besimanje i-JOMBA! Contemporary Dance Experience (mhla zingama-24 kuNcwaba), ohlelwe yi-Centre for Creative Arts (i-CCA) eseKolishi lezesiNtu.
Umthwebuli ovelele womdanso u-Val Adamson, uphelezele isimemezelo se-Legacy Artist ngombukiso wezithombe zika-Pather azenzela iSiwela Sonke Dance Theatre eminyakeni edlule.
‘Ngithakasile ngokuba yi-Legacy Artist yalonyaka nokuyithola ngenhlonipho enkulu, ikakhulukazi kwiJOMBA! Festival ezabalazile ukuqhakambisa umdanso wesimanje kulelizwe ngaphansi kwezimo ezinzima. Njengeciko, awukho umlando osuke uqonde ukuwuqopha. Ngihlale ngithanda ukwenza izinto ezintsha, nombono wefilimu omusha, nakuba ngingazi ukuthi abantu bazowuthatha kanjani,’ kusho u-Pather.
Umfundisi woMdanso nomhleli weJOMBA! e-UKZN uDkt Lliane Loots wengeze ngokuthi: ‘Kusukela lefestiveli yaqala eminyakeni engama-23 edlule, iJOMBA! Isingathe imicimbi eminingi ka-Pather kanti ithakase kakhulu ukumhlonipha. Ngemva kweminyaka engama-20 yokwenza imidlalo yeshashalazi emnandi ebithatha imiqondo elula yesizwe esiwuthingo lwenkosazane esididekile.’
Njengomsunguli nomqondisi weSiwela Sonke Dance Theatre, u-Pather ucabe indlela njengomunye wezingqalabutho zomdanso eNingizimu Afrika, ebezivame ukugubha isifo “sesizwe esiwuthingo lwenkosazana”. Umsebenzi wakhe usujikeleze amazwe kanti iJOMBA! Ithakasile ukuhlonipha umlando ka-Pather kwifestiveli yalonyaka.
U-Pather osehlala eKapa, usenguSolwazi kanti ungumqondisi we-Institute for Creative Arts e-University of Cape Town, futhi usungule i-Infecting the City Public Art Festival. Usanda kuqokwa njengomcwaningi e-University of London, wenziwa i-Chevalier des Arts et des Lettres (Knight of Arts and Letters) nguhulumeni wase-France.
Njengengxenye yokuhlonipha u-Pather njenge-2021 Legacy Artist, iJOMBA! Inxuse enye inkakha esaphila umthwebuli u-Val Adamson ukuthi enze umbukiso womsebenzi ka-Pather womlando eSiwela Sonke. Lombukiso ubizwa nge-Through The Lens: Val Adamson in Photographic Conversation with Jay Pather, iyiqoqo lezithombe ezevile ekhulwini eziveza ukuhlangana phakathi komsebenzi ka-Adamson nombono ka-Pather.
U-Adamson usethwebule imidanso eNingizimu Afrika kusukela ngonyaka we-1985, wenza imibukiso eminingi ejikeleze amafestiveli obuciko ezweni lonke. Umbukiso wakhe omusha wethulwe kwiJOMBA! yangonyaka wezi-2020, enezithombe zefestiveli zeminyaka engama-21 edlule. Useke wahlonishwa ngeqhaza lakhe emdansweni eNingizimu Afrika, okubalwa kulona indondo ayithola ngonyaka wezi-2012 yeKZN DanceLink neye-Living Legend kaMasipala waseThekwini ngomsebenzi wakhe wokuthwebula ishashalazi.
U-Pather uvule iJOMBA! Festival yalonyaka mhla wama-24 kuNcwaba etholakala lapha.
I-Through The Lens: Val Adamson in Photographic Conversation with Jay Pather itholakala ngokungena kwiJOMBA! Website lapha kusukela mhla ka-24 kuNcwaba.
Ifestiveli iqala mhla wama-24 kuya mhla zi-5 kuMandulo ngowezi-2021.
Amagama: wu-Melissa Mungroo
Isithombe: wu-Val Adamson